- Ngokuba nganquma ukuthi angiyikwazi okunye phakathi kwenu, kuphela uJesu Kristu, lowo obethelwe esiphambanweni.
- Kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi:
“Lokho iso elingakubonanga,
nendlebe engakuzwanga,
okungavelanga enhliziyweni yamuntu,
uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.” - Ngokuba kithina uNkulunkulu ukwambulile ngoMoya; ngokuba uMoya uhlolisisa konke, yebo, nokujulileyo kukaNkulunkulu.
- Ngokuba ngumuphi kubantu owazi okomuntu, uma kungesiye umoya womuntu okuye na? Ngokunjalo nokukaNkulunkulu akwaziwa muntu, kuphela nguMoya kaNkulunkulu.
Izihloko ezihlobene
UMoya
INkosi inguye uMoya; kepha...
Ukuqonda
Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto...
Ukuvangela
Ngokuba iNkosi isiyalezile kanjalo...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Ingqondo
Nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni...
Ukubethelwa
Yena owathwala izono zethu...
Amavesi eBhayibheli osuku
Nomusa ungowakho, Nkosi;ngokuba wena umphindisela umuntu
njengokwenza kwakhe.
Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Ngiphulukise, Jehova, ngiphuluke;ngisindise, ngisindiswe,
ngokuba uludumo lwami.Ivesi elilandelayo
