- Kepha, bazalwane, ngiyanikhumbuza ivangeli enganishumayeza lona nenalamukelayo nenimi kulo, nenisindiswa ngalo, nxa nibambelela ezwini enganishumayeza lona, uma kambe ukukholwa kwenu kungabanga yize.
 - Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo, nokuthi wembelwa, nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo.
 - Ngokuba lokhu ukufa kweza ngomuntu, ukuvuka kwabafileyo nakho kweza ngomuntu.
 - Ngokuba njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa, ngokunjalo futhi kuKristu bonke bayakuphiliswa.
 - Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.
 - Phaphamani ngokufaneleyo, ningoni; ngokuba abanye kabamazi uNkulunkulu; ngisho lokhu ukuba nibe namahloni.
 - Udosi lokufa yisono; amandla esono ngumthetho.
 - Kepha makabongwe uNkulunkulu osinika ukunqoba ngeNkosi yethu uJesu Kristu.
 - Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.
 
Izihloko ezihlobene
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Insindiso
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba...
Ukuvuka
UJesu wathi kuye: “Mina...
Ukufa
UJesu wathi kuye: “Mina...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
