- UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.
- Ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo.
- Ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe ntsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.
- Ngokuba konke kuvela kuye, kukhona ngaye, kuya kuye; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade. Amen.
- Ekukhuthaleni ningenqeni, nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi.
- Uthando malungabi nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle.
- Manibe nhliziyonye; ningazindli okuphakemeyo, kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo.
- Oyakuvuza yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe.
- Kodwa uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela.
- Kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga nangezinhlupheko ngokwazi ukuthi ukuhlupheka kuveza ukukhuthazela, ukukhuthazela kuveza ukuqiniseka, ukuqiniseka kuveza ithemba.
Izihloko ezihlobene
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
UMoya
INkosi inguye uMoya; kepha...
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Ukulalela umthetho
UJesu waphendula, wathi kuye...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Amavesi eBhayibheli osuku
Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami,ngiyakufuna ekuseni;
umphefumulo wami womele wena;
inyama yami ilangazelela wena
ezweni elomileyo eligagadekileyo,
lapho amanzi engekho khona.Ivesi elilandelayo
