- Kepha obuthakathaka ekukholweni mamukeleni, kungabi ngokwahlulela ngezizindlo.
- Odlayo angamdeleli ongadliyo, ongadliyo angamahluleli odlayo, ngokuba uNkulunkulu umamukele.
- Ungubani wena owahlulela inceku yomunye na? Kusenkosini yayo ukuma noma ukuwa kwayo; kepha iyakumiswa, ngokuba iNkosi inamandla okuyimisa.
- Omunye wazisa olunye usuku kunolunye, omunye wazisa izinsuku zonke; yilowo nalowo akaqiniseke enhliziyweni yakhe.
- Ngokuba uma siphila, siphilela iNkosi; uma sifa, sifela iNkosi. Ngakho-ke noma siphila noma sifa, singabeNkosi.
- Ngokuba kulotshiwe ukuthi:
“ ‘Kuphila kwami,’ isho iNkosi,
‘kimina ayakuguqa amadolo onke,
nezilimi zonke ziyakudumisa uNkulunkulu.’ ” - Ngakho masingabe sisahlulelana; kepha okungcono yahlulelani lokho kokuthi makungabekelwa umzalwane into yokumqhuzula nokuba isikhubekiso.
Izihloko ezihlobene
Ukwahlulela
Ngakho awunakuzilandulela wena muntu...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Umakhelwane
Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame...
Umphakathi
Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando...
Ukudla
Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo...
Izisetshenziswa
Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ingabe uthi ngingecele kuBaba angithumele manje amalegiyona ezingelosi adlula ishumi nambili na?Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
UJehova useduze nabo bonke abambizayo,bonke abambizayo ngeqiniso.Ivesi elilandelayo