- Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda.
- Ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe ntsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.
- Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngisho kulowo nalowo phakathi kwenu ukuthi angacabangi athi mkhulu kunalokho afanele ukukucabanga, kodwa acabange kube ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele lowo nalowo isilinganiso sokukholwa.
- Ngokuba njengalokhu sinezitho eziningi emzimbeni munye, kepha izitho zonke azinamsebenzi munye, kanjalo thina esibaningi simzimba munye kuKristu, kepha ngabanye siyizitho, omunye esomunye.
- Uthando malungabi nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle.
- Thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane.
- Ekukhuthaleni ningenqeni, nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi.
- Ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo.
- Babusiseni abanizingelayo; busisani, ningaqalekisi.
- Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.
- Manibe nhliziyonye; ningazindli okuphakemeyo, kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo.
- Uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke.
- Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.
Izihloko ezihlobene
Ukulalela umthetho
UJesu waphendula, wathi kuye...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Imicabango
Ngihole, Nkulunkulu, wazi inhliziyo...
Umphakathi
Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando...
Ukuncika
Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Amavesi eBhayibheli osuku
Kanjalo-ke nesitsha emva kokudla, ethi: “Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina.”Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela;nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami
nesabelo sami kuze kube phakade.Ivesi elilandelayo