- Njengokuba amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe.
- Esiphiwe ngakho izithembiso eziyigugu nezikhulukazi, ukuze ngazo nibe ngabahlanganyeli nesimo sobuNkulunkulu, nibalekele ukubhubha okusezweni ngezinkanuko.
- Ngalokho nengezela inkuthalo yonke nelekele ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi, nasekwazini ukuzithiba, nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ukumesaba uNkulunkulu, nasekumesabeni uNkulunkulu ukuthanda abazalwane, nasekuthandeni abazalwane uthando.
- Ngakho-ke, bazalwane, khuthalelani kakhulu ukwenza kuqiniseke ukubizwa nokukhethwa kwenu; ngokuba uma nenza lokho, anisoze nakhubeka. Ngokuba ngokwenze njalo niyakuphiwa ngokwengcebo ukungena embusweni waphakade weNkosi yethu noMsindisi uJesu Kristu.
- Ngokuba akuzange kuvezwe isiprofetho ngentando yomuntu, kepha abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.
Izihloko ezihlobene
Umvuzo
Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo...
Amandla
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Ukwamukela
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Izifiso
Kepha ngithi: Hambani ngoMoya...
Umhlaba
Ningathandi izwe nezinto ezisezweni...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ngakho-ke manibe ngabapheleleyo, njengokuba uYihlo wasezulwini ephelele.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke;uyakulonda umphefumulo wakho.
UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho
kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.Ivesi elilandelayo
