- INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.
- Ngokuba akuzange kuvezwe isiprofetho ngentando yomuntu, kepha abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.
- Ngalokho nengezela inkuthalo yonke nelekele ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi, nasekwazini ukuzithiba, nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ukumesaba uNkulunkulu, nasekumesabeni uNkulunkulu ukuthanda abazalwane, nasekuthandeni abazalwane uthando.
- Kodwa, bathandekayo, maningakhohlwa lento inye yokuthi kuyo iNkosi usuku lunye lunjengeminyaka eyinkulungwane nokuthi iminyaka eyinkulungwane injengosuku lunye.
- Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye namanje nakuze kube lusuku lwaphakade.
- Esiphiwe ngakho izithembiso eziyigugu nezikhulukazi, ukuze ngazo nibe ngabahlanganyeli nesimo sobuNkulunkulu, nibalekele ukubhubha okusezweni ngezinkanuko.
- Ngakho-ke, bazalwane, khuthalelani kakhulu ukwenza kuqiniseke ukubizwa nokukhethwa kwenu; ngokuba uma nenza lokho, anisoze nakhubeka. Ngokuba ngokwenze njalo niyakuphiwa ngokwengcebo ukungena embusweni waphakade weNkosi yethu noMsindisi uJesu Kristu.
- Njengokuba amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe.
- INkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni abamesabayo uNkulunkulu, kepha abangalungile iyabagcinela usuku lokwahlulelwa, bajeziswe.
- Kepha usuku lweNkosi luyakufika njengesela mhla amazulu eyakudlula ngokuhlokoma; kuyakusha konke, kubhidlike; nomhlaba nemisebenzi yawo kuyakusha.
Izihloko ezihlobene
Ukuphela kwesikhathi
Makungabikho muntu onikhohlisayo nangayiphi...
Insindiso
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba...
Ukubekezela
Owephuza ukuthukuthela unokuqonda okuningi...
Izethembiso
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
Ukuza kwesibili
Ngalokho nani hlalani nilungele...
Umvuzo
Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo...
