- Niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.
- Kunakho konke yibani nokuthandana okunganqamukiyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono.
- Ukuhloba kwenu makungabi ngokungaphandle, okokwaluka izinwele, nokokufaka igolide, noma okokugqoka izingubo, kepha makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.
- Enimthanda ningambonanga, enithi ningamboni manje nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo netusekayo, namukela isigcino sokukholwa kwenu esiyinsindiso yemiphefumulo.
- Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele. Ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke.
- Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu, senihluphekile isikhashana, yena uqobo uyakuniphelelisa, aniqinise, aninike amandla, anisekele.
- Okokugcina, manibe nhliziyonye nonke, nihawukelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka.
- Ngokuba osuka ethanda ukuphila
nokubona izinsuku ezinhle,
makanqande ulimi lwakhe kokubi,
nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso,
adede ebubini, enze okuhle,
afune ukuthula, akujonge. - Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo.
- Kodwa njengowanibizayo engcwele, manibe ngcwele nani ekuhambeni konke, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Manibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele.”
Izihloko ezihlobene
Insindiso
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba...
Inhlupheko
Kepha uNkulunkulu womusa wonke...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Ukuthobeka
Ngokuthobeka konke nobumnene, ngokubheka...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Aba, Baba!”Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa,angesabi okubi, ngokuba wena unami,
intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.Ivesi elilandelayo