- Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu owabuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibe nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo.
- Enimthanda ningambonanga, enithi ningamboni manje nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo netusekayo, namukela isigcino sokukholwa kwenu esiyinsindiso yemiphefumulo.
- Ngalokho zibopheni izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa ekwambulweni kukaJesu Kristu.
- Kodwa njengowanibizayo engcwele, manibe ngcwele nani ekuhambeni konke, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Manibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele.”
- Nazi ukuthi anihlengwanga ekuhambeni kwenu okuyize enakunikezwa ngawoyihlo ngezinto ezibhubhayo, isiliva negolide, kodwa ngegazi elinqabileyo likaKristu kungathi elewundlu elingenacala, elingenabala.
- Senizelwe kabusha kungengambewu ephelayo kodwa ngengapheliyo, ngezwi eliphilileyo nelimiyo likaNkulunkulu.
Izihloko ezihlobene
Ukuzalwa kabusha
Kanjalo uma umuntu ekuKristu...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Ukuvuka
UJesu wathi kuye: “Mina...
Iphasika
Kodwa ingelosi yaphendula, yathi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ngokuba uNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonakalisa ngakulo igama lakhe, lokhu nibakhonzile abangcwele, nisabakhonza.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Nguye omupha oyethileyo amandla,nakongenamandla uyandisa izikhwepha.Ivesi elilandelayo
