- Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa.
- Thina siyalwazi, sikholwa yilo lolu thando uNkulunkulu analo kithina. UNkulunkulu uluthando, nohlala othandweni uhlala kuNkulunkulu, noNkulunkulu uhlala kuye.
- Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala.
- Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.
- Akukho ukwesaba othandweni, kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso, nowesabayo akaphelele othandweni.
- Ngokuba konke okuzelwe nguNkulunkulu kuyalinqoba izwe; lokhu kuyinqobo enqobe izwe: ukukholwa kwethu.
- Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye.
- Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.
- Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sithiwe singabantwana bakaNkulunkulu; futhi siyibo. Ngalokho izwe alisazi, ngokuba alimazanga yena.
- Lowo ovuma ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, uNkulunkulu uhlala kuye, naye kuNkulunkulu.
Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
Umhlaba
Ningathandi izwe nezinto ezisezweni...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Ukwethemba
Themba kuJehova ngayo yonke...
Amavesi eBhayibheli osuku
Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke.Amen.
