- Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sithiwe singabantwana bakaNkulunkulu; futhi siyibo. Ngalokho izwe alisazi, ngokuba alimazanga yena.
- Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kepha akukabonakali esiyakuba yikho. Siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo. Bonke abanalo lelo themba kuye bayazihlambulula, njengokuba yena ehlambulukile.
- Bonke abenza isono bayeqa nomthetho, ngokuba isono singukweqa umthetho.
- Owenza isono ungokaSathane, ngokuba uSathane uyona kwasekuqaleni. INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngalokhu, ukuze ichithe imisebenzi kaSathane.
- Nanti izwi enalizwayo kwasekuqaleni lokuba sithandane.
- Uthando silwazi ngalokho ukuthi yena wabeka ukuphila kwakhe ngenxa yethu; nathi sifanele ukubeka ukuphila ngenxa yabazalwane.
- Kepha yena onemfuyo yezwe, ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele isihawu sakhe, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na?
- Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi, kodwa ngezenzo nangeqiniso.
- Bathandekayo, uma inhliziyo ingasilahli, sinesibindi kuNkulunkulu, nesikucelayo siyakukwamukeliswa nguye, ngokuba sigcina imiyalo yakhe, senza okuthandekayo ebusweni bakhe.
- Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye, naye uqobo uhlala kuye; siyazi ngalokho ukuthi uhlala kithi ngaye uMoya asinike yena.
Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Umakhelwane
Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame...
Izingane
UJesu wayesethi: “Vumelani abantwana...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
UBaba
Njengoyise ehawukela abantwana bakhe...
Amavesi eBhayibheli osuku
Wabahola, baze bafika ngaseBethaniya, waphakamisa izandla zakhe, wababusisa. Kwathi esababusisa, wahlukana nabo, wenyuselwa ezulwini.Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Olandela ukulunga nomusauyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo.Ivesi elilandelayo