- Ngokuba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni eyidokodo idilizwa, sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, eyaphakade, esezulwini.
- Ngokuba sihamba ngokukholwa, asihambi ngokubona.
- Ngokuba uthando lukaKristu luyasiqhubezela, sikubona lokhu ukuthi munye owafela bonke; ngakho-ke bonke sebafa; wafela bonke, ukuze abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele yena owabafelayo, wabuye wavuka.
- Kanjalo uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; okwakuqala kudlulile; bheka, sekuvele okusha.
- Kepha konke kuvela kuNkulunkulu owenza ukuba sibuyisane naye ngoKristu, wasinika inkonzo yokubuyisana.
- Ngokuba uNkulunkulu ekuKristu wenza ukuba izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko zabo, ebeka kithi izwi lokubuyisana.
- Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.
Izihloko ezihlobene
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Ukubuyisana
Ngokuba uNkulunkulu ekuKristu wenza...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Umzimba
Kepha anazi yini ukuthi...
Ukufa
UJesu wathi kuye: “Mina...
Amavesi eBhayibheli osuku
Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla ayakuba senhliziyweni yakho, ubafundise impela wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu wakhoobamba isandla sakho sokunene,
nothi kuwe: Ungesabi,
mina ngiyakusiza.Ivesi elilandelayo
