- Kwathi bekhonza iNkosi, bezila, uMoya oNgcwele wathi: “Ngahlukaniseleni oBarnaba noSawulu ukuba baye emsebenzini engibabizele wona.”
- Khona bazila ukudla bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo, babamukisa.
- Ngakho-ke makwazeke kini madoda, bazalwane, ukuthi ngalowo kumenyezelwa kini ukuthethelelwa kwezono, nakukho konke ebeningenakulungisiswa kukho ngomthetho kaMose yilowo nalowo okholwayo uyakulungisiswa ngaye.
- Ngokuba iNkosi isiyalezile kanjalo ukuthi:
“ ‘Ngikubekile ube ngukukhanya kwabezizwe,
ube yinsindiso kuze kube semkhawulweni womhlaba.’ ”
Izihloko ezihlobene
Ukuzila ukudla
Sase sizila-ke, sanxusa uNkulunkulu...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
UMoya
INkosi inguye uMoya; kepha...
UMoya Oyingcele
INkosi inguye uMoya; kepha...
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Amavesi eBhayibheli osuku
Wena Jehova umi phakade;isihlalo sakho sobukhosi
sikhona ezizukulwaneni ngezizukulwane.
Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova,nothemba lakhe linguJehova.
Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini,
ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni,
ongesabi lapho kufika ukushisa,
amaqabunga awo abe luhlaza,
angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu,
anganqamuki ukuthela izithelo.Ivesi elilandelayo
