- Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu; uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”
- Babusisiwe abampofu emoyeni,
ngokuba umbuso wezulu ungowabo. - Kepha mina ngithi kini: Ningafungi nakanye, noma izulu, ngokuba liyisihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, noma umhlaba, ngokuba uyisenabelo sezinyawo zakhe, noma iJerusalema, ngokuba lingumuzi weNkosi enkulu.
- Kepha usuku lweNkosi luyakufika njengesela mhla amazulu eyakudlula ngokuhlokoma; kuyakusha konke, kubhidlike; nomhlaba nemisebenzi yawo kuyakusha.
Izihloko ezihlobene
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Umhlaba
Ningathandi izwe nezinto ezisezweni...
Umbuso
Kepha kanazi yini ukuthi...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
Ukwenyuka
Kwathi eseshilo lokho, wakhushulwa...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Amavesi eBhayibheli osuku
Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho,isandla sakho sokunene singisekele,
nobumnene bakho bungikhulisile.
Amabanga okunyathela kwami uwandisile;
amaqakala ami awaxegi.
Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na?Ngokuqaphela okwezwi lakho.Ivesi elilandelayo
