- Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu; uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”
- Babusisiwe abampofu emoyeni,
ngokuba umbuso wezulu ungowabo. - Kepha mina ngithi kini: Ningafungi nakanye, noma izulu, ngokuba liyisihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, noma umhlaba, ngokuba uyisenabelo sezinyawo zakhe, noma iJerusalema, ngokuba lingumuzi weNkosi enkulu.
- Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, yafunyanwa ngumuntu, wayithukusa; ngokuthokoza kwakhe uyahamba, athengise ngakho konke anakho, athenge leyo nsimu.
- Kepha usuku lweNkosi luyakufika njengesela mhla amazulu eyakudlula ngokuhlokoma; kuyakusha konke, kubhidlike; nomhlaba nemisebenzi yawo kuyakusha.
- Bhekani ningadeleli namunye kulaba abancinyane, ngokuba ngithi kini: Izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini.
Izihloko ezihlobene
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Umhlaba
Ningathandi izwe nezinto ezisezweni...
Umbuso
Kepha kanazi yini ukuthi...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
UBaba
Njengoyise ehawukela abantwana bakhe...
Ukwenyuka
Kwathi eseshilo lokho, wakhushulwa...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ukuze sisho ngesibindi, sithi:“INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba;
umuntu angangenzani na?”
