DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Amavesi EBhayibheli ngokwenyuka

  • Kwathi eseshilo lokho, wakhushulwa bebuka; ifu lamsusa emehlweni abo.
  • Wabahola, baze bafika ngaseBethaniya, waphakamisa izandla zakhe, wababusisa. Kwathi esababusisa, wahlukana nabo, wenyuselwa ezulwini.
  • Bathi besagqolozela ezulwini emuka, bheka, amadoda amabili ayemi kubo, embethe izingubo ezimhlophe, athi: “Madoda aseGalile, nimeleni nibheka ezulwini na? UJesu lo, osuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo, njengalokho nimbonile eya ezulwini.”
  • Njalo-ke iNkosi uJesu isikhulumile kubo yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.
  • Ngavela kuBaba, ngeza ezweni; ngiyalishiya futhi izwe, ngibuyela kuBaba.
  • Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukunilungisela indawo.
  • Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi:
    Owabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni,
    wabonwa yizingelosi, washunyayelwa ezizweni,
    wakholeka ezweni, waphakanyiselwa enkazimulweni.
  • UJesu wathi kuye: “Ungangithinti, ngokuba angikenyukeli kuBaba. Kepha yana kubazalwane bami, ubatshele ukuthi ngenyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.”
  • Pho, uma nibona iNdodana yomuntu yenyukela lapho yayikhona kuqala, niyakuthini na?
  • Ngakho-ke uJesu wathi: “Kuseyisikhashana ngikhona kini, besengimuka, ngiye kongithumileyo.”
  • Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza, nemikhulu kunale uyakuyenza; ngokuba mina ngiya kuBaba.
  • Ngakho ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, wakuthulula lokhu enikubonayo nenikuzwayo.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ngenxa yokuba ubuyigugu emehlweni ami,
futhi ubudumile, uthandekile kimi,
ngiyakunika abantu esikhundleni sakho,
nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho.
Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela