Amavesi EBhayibheli ngokwenyuka
- Kwathi eseshilo lokho, wakhushulwa bebuka; ifu lamsusa emehlweni abo.
- Wabahola, baze bafika ngaseBethaniya, waphakamisa izandla zakhe, wababusisa. Kwathi esababusisa, wahlukana nabo, wenyuselwa ezulwini.
- Bathi besagqolozela ezulwini emuka, bheka, amadoda amabili ayemi kubo, embethe izingubo ezimhlophe, athi: “Madoda aseGalile, nimeleni nibheka ezulwini na? UJesu lo, osuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo, njengalokho nimbonile eya ezulwini.”
- Njalo-ke iNkosi uJesu isikhulumile kubo yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.
- Ngavela kuBaba, ngeza ezweni; ngiyalishiya futhi izwe, ngibuyela kuBaba.
- Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukunilungisela indawo.
- Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi:
Owabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni,
wabonwa yizingelosi, washunyayelwa ezizweni,
wakholeka ezweni, waphakanyiselwa enkazimulweni. - UJesu wathi kuye: “Ungangithinti, ngokuba angikenyukeli kuBaba. Kepha yana kubazalwane bami, ubatshele ukuthi ngenyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.”
- Pho, uma nibona iNdodana yomuntu yenyukela lapho yayikhona kuqala, niyakuthini na?
- Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza, nemikhulu kunale uyakuyenza; ngokuba mina ngiya kuBaba.
- Ngakho-ke uJesu wathi: “Kuseyisikhashana ngikhona kini, besengimuka, ngiye kongithumileyo.”
- Ngakho ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, wakuthulula lokhu enikubonayo nenikuzwayo.
Izihloko ezihlobene
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
IZulu
Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla...
UBaba
Njengoyise ehawukela abantwana bakhe...
Izingelosi
Ingabe uthi ngingecele kuBaba...
Umhlaba
Ningathandi izwe nezinto ezisezweni...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Amavesi eBhayibheli osuku
Njengokuba amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Owesifazane angakhohlwa umntwana wakhe oncelayoukuba angabi namusa kuyo indodana yesizalo sakhe na?
Yebo, bona bangakhohlwa,
kodwa mina anginakukukhohlwa wena.
Bheka, ezandleni zami ngikubhalile,
izingange zakho ziphambi kwami njalo.Ivesi elilandelayo
