DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

U-Eksodusi 20

  • Khumbula usuku lwesabatha, ulungcwelise. Izinsuku eziyisithupha uyakusebenza, uwenze wonke umsebenzi wakho; kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha likaJehova uNkulunkulu wakho; awuyikusebenza msebenzi ngalo, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nezinkomo zakho, nomfokazi osemzini wakho; ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa; ngalokho uJehova walubusisa usuku lwesabatha, walungcwelisa.
  • Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.
  • Ungafisi indlu yomakhelwane wakho; ungafisi umfazi womakhelwane wakho, nenceku yakhe, nencekukazi yakhe, nenkabi yakhe, nembongolo yakhe, nokunye okomakhelwane wakho.
  • Aniyikwenza lutho olungaphandle kwami; onkulunkulu besiliva nawonkulunkulu begolide aniyikuzenzela bona.

Amavesi eBhayibheli osuku

Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ukuhloba kwenu makungabi ngokungaphandle, okokwaluka izinwele, nokokufaka igolide, noma okokugqoka izingubo, kepha makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela