- Aniyikuthasisela ezwini enginiyala ngalo, ninganciphisi futhi kulo, ukuba nigcine imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.
- Wanimemezelela isivumelwano sakhe aniyala ngaso ukuba nisenze, imiyalelo eyishumi; wayiloba ezibhebheni ezimbili zamatshe.
- Uma nina niselapho nimfuna uJehova uNkulunkulu wenu, niyakumfumana, uma nimfuna ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.
- Yazi namuhla, ukungenise enhliziyweni yakho ukuthi uJehova unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi; akakho omunye.
- Wogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuba kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, wandise izinsuku zakho ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona kuze kube phakade.
Izihloko ezihlobene
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Ukulalela umthetho
UJesu waphendula, wathi kuye...
Ukulandela
Niyakuhamba njalo endleleni uJehova...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
Isivumelwano
Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu...
Umvuzo
Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo...
Amavesi eBhayibheli osuku
Kwase kubonakala kubo izilimi ezahlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu kwalowo nalowo kubo. Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela;nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami
nesabelo sami kuze kube phakade.Ivesi elilandelayo