- Kepha imisebenzi yenyama isobala, engukuthi: ubufebe, nokungcola, namanyala, nokukhonza izithombe, nokuthakatha, nobutha, nokulwa, nomona, nokuthukuthela, nokubanga, nokwalana, nokwahlukana, nomhawu, nokudakwa, nokuxokozela, nokunjalo engandulela ukunitshela ngakho, njengokuba senganitshela ukuthi abenza okunje abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.
- Wena Jehova umi phakade;
isihlalo sakho sobukhosi
sikhona ezizukulwaneni ngezizukulwane. - Leli vangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.
- Babusisiwe abampofu emoyeni,
ngokuba umbuso wezulu ungowabo. - UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.
- Umthetho nabaprofethi kwakukhona kwaze kwafika uJohane; kusukela kuleso sikhathi ivangeli lombuso kaNkulunkulu liyashunyayelwa, wonke umuntu uphika ngokufuzula kuwo.
- Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, yafunyanwa ngumuntu, wayithukusa; ngokuthokoza kwakhe uyahamba, athengise ngakho konke anakho, athenge leyo nsimu.
- UJesu waphendula wathi: “Umbuso wami awusiwo owaleli zwe. Uma umbuso wami ubungowaleli zwe, izikhonzi zami zaziyakulwa ukuba nginganikezelwa kubaJuda. Kepha kalokhu umbuso wami awusiwo owalapha.”
Izihloko ezihlobene
IZulu
Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla...
Insindiso
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba...
Ukuvangela
Ngokuba iNkosi isiyalezile kanjalo...
UBaba
Njengoyise ehawukela abantwana bakhe...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Umhlaba
Ningathandi izwe nezinto ezisezweni...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka,kepha ukulunga kophula ekufeni.
Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle,kepha umoya owaphukileyo uyomisa amathambo.Ivesi elilandelayo
