Amavesi EBhayibheli ngomlamuli
- Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu.
- Ngalokho-ke ungumlamuleli wesivumelwano esisha, kuze kuthi ngokufa okungenxa yokukhululwa eziphambekweni zesivumelwano sokuqala ababiziweyo bazuze ifa eliphakade elathenjiswayo.
- Kepha umlamuleli kasiye owamunye; kepha uNkulunkulu munye.
- UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.”
- Kepha yena ohlola izinhliziyo uyakwazi okuqondwa nguMoya, ngokuba ukhulumela abangcwele ngokwentando kaNkulunkulu.
- Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla, nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.
- Angiceli ukuba ubasuse ezweni; kepha ngicela ukuba ubalonde kokubi.
- Kepha kalokhu unikiwe inkonzo enhle kakhulu, njengalokhu engumlamuleli wesivumelwano esihle kakhulu, esimisiwe ngokwezithembiso ezinhle kakhulu.
- Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.
Izihloko ezihlobene
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Isivumelwano
Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu...
Izethembiso
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
UMsindisi
Uthando lukulokhu, kungesikho ukuthi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane.Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Vuka ukhanye,ngokuba ukukhanya kwakho kuyeza;
inkazimulo kaJehova iphumela phezu kwakho.Ivesi elilandelayo