- Ngakho uJesu waphinda wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba nokukhanya kokuphila.”
- Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”
- UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono.”
- Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela.
- Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo.
Izihloko ezihlobene
Umlutha
Konke kuvunyelwe kimi, kepha...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Ukulandela
Niyakuhamba njalo endleleni uJehova...
Iqiniso
Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza...
Inkululeko
UKristu wasikhulula ukuba sibe...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane.Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho,ungenciki kokwakho ukuqonda.
Mazise yena ezindleleni zakho zonke,
uyakuqondisa imikhondo yakho.Ivesi elilandelayo