- Lapho wenza isithembiso phambi kukaNkulunkulu, ungalibali ukusifeza, ngokuba akathokozi ngeziwula: feza lokhu okwethembisayo.
- Othanda imali akayikusutha ngemali,
nothanda okuningi akaneliswa yizithelo;
nalokho kuyize. - Lapho okuhle kwanda,
nabakudlayo bayanda;
kulusizo luni kumninikho
ngaphandle kokuba akubone ngamehlo akhe na? - Njengalokho aphuma esizalweni sikanina,
uyakubuye amuke,
ahambe ze njengasekufikeni kwakhe,
engatholi lutho ngomshikashika wakhe,
ahambe nalo esandleni sakhe. - Bheka, engikubonile mina ukuthi kuhle futhi kumnandi kumuntu kungukudla, nokuphuza, nokubona okuhle kuwo wonke umshikashika wakhe awushikashikayo phansi kwelanga zonke izinsuku zokuphila kwakhe uNkulunkulu amnika zona; ngokuba lokhu kuyisabelo sakhe.
- Futhi bonke abantu uNkulunkulu abaphe ingcebo nemfuyo, abanike futhi namandla okudla kukho ukuba bathathe izabelo zabo, bathokoze ngomshikashika wabo lokho kuyisipho sikaNkulunkulu.
Izihloko ezihlobene
Imali
Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa...
Ukuthanda izinto ezibambekayo
Ngokuba asilethanga lutho ezweni...
Ukwemana
Othanda imali akayikusutha ngemali...
Ukudla
Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo...
Umsebenzi
Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo...
Ukwamukela
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Amavesi eBhayibheli osuku
Kepha ukwahlulela makugobhoze njengamanzi,nokulunga njengomfula onganqamukiyo.