- Nakuba umuntu ahlula oyedwa,
ababili bayakuma phambi kwakhe,
nentambo emicu mithathu ayisheshi ukugqashuka. - Ngokuba uma bewa,
omunye uyavusa umngane wakhe;
kepha maye kuye oyedwa lapho ewa,
engenawesibili wokumvusa! - Kungcono ababili kunoyedwa,
ngokuba banomvuzo omkhulu ngomshikashika wabo. - Ungasho ukuthi:
“Kwenziwa kanjani ukuba izinsuku zokuqala
zazizinhle kunalezi na?”
Ngokuba awubuzi kanjalo ngokuhlakanipha. - Othanda imali akayikusutha ngemali,
nothanda okuningi akaneliswa yizithelo;
nalokho kuyize. - Konke kunesikhathi sakho,
yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu. - Khipha usizi enhliziyweni yakho,
udlulise okubi emzimbeni wakho,
ngokuba ubusha nobunsizwa buyize. - Yenama ngosuku lwenhlanhla,
kepha ngosuku olubi qonda ukuthi
nalolu uNkulunkulu ulwenzile njengalolo,
ukuze umuntu angafumani lutho
oluyakuba khona emva kwakhe. - Njengalokhu ungazi indlela yomoya ukuthi iphi,
nokubunjwa kwamathambo esizalweni sokhulelweyo,
kanjalo awuyazi nemisebenzi kaNkulunkulu owenza konke. - Hamba udle isinkwa sakho ngentokozo, uphuze iwayini ngenhliziyo enhle, ngokuba uNkulunkulu usevumile imisebenzi yakho.
Izihloko ezihlobene
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Umsebenzi
Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo...
Injabulo
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Ukuthanda izinto ezibambekayo
Ngokuba asilethanga lutho ezweni...
Ukudla
Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo...
Ubudlelwano
Nakuba umuntu ahlula oyedwa...
Amavesi eBhayibheli osuku
Abanye izinqola, abanye amahhashi,kepha thina sibonga igama likaJehova uNkulunkulu wethu.
