- Nakuba umuntu ahlula oyedwa,
ababili bayakuma phambi kwakhe,
nentambo emicu mithathu ayisheshi ukugqashuka. - Ngokuba uma bewa,
omunye uyavusa umngane wakhe;
kepha maye kuye oyedwa lapho ewa,
engenawesibili wokumvusa! - Konke kunesikhathi sakho,
yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu. - Khipha usizi enhliziyweni yakho,
udlulise okubi emzimbeni wakho,
ngokuba ubusha nobunsizwa buyize. - Othanda imali akayikusutha ngemali,
nothanda okuningi akaneliswa yizithelo;
nalokho kuyize. - Ungasho ukuthi:
“Kwenziwa kanjani ukuba izinsuku zokuqala
zazizinhle kunalezi na?”
Ngokuba awubuzi kanjalo ngokuhlakanipha. - Kungcono ababili kunoyedwa,
ngokuba banomvuzo omkhulu ngomshikashika wabo. - Njengalokhu ungazi indlela yomoya ukuthi iphi,
nokubunjwa kwamathambo esizalweni sokhulelweyo,
kanjalo awuyazi nemisebenzi kaNkulunkulu owenza konke. - Hamba udle isinkwa sakho ngentokozo, uphuze iwayini ngenhliziyo enhle, ngokuba uNkulunkulu usevumile imisebenzi yakho.
- Wenzile konke kube kuhle esikhathini sakho, ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo; nokho umuntu angefumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube sekupheleni.
Izihloko ezihlobene
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Umsebenzi
Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo...
Injabulo
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Ukuthanda izinto ezibambekayo
Ngokuba asilethanga lutho ezweni...
Ukudla
Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo...
Ubudlelwano
Nakuba umuntu ahlula oyedwa...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni;usizo lwami luvelaphi na?
Usizo lwami luvela kuJehova
owenzile izulu nomhlaba.Ivesi elilandelayo
