- Gingqela kuJehova imisebenzi yakho,
ukuze kuqiniswe amasu akho. - Isihhe neqiniso makungakushiyi;
kubophe entanyeni yakho,
ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,
ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu. - Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho,
ungenciki kokwakho ukuqonda.
Mazise yena ezindleleni zakho zonke,
uyakuqondisa imikhondo yakho. - Osibekela isiphambeko ufuna uthando,
kepha onokondisa indaba wahlukanisa abahlobo. - Phezu kwakho konke okugcinayo,
gcina inhliziyo yakho,
ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila. - Njengasemanzini ubuso bubhekana nobuso,
injalo inhliziyo yomuntu kumuntu. - Umngane uthanda ngezikhathi zonke,
nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni. - Olandela ukulunga nomusa
uyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo. - Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe;
kuyakuthi lapho esekhulile,
angasuki kuyo. - Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela,
kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.
Izihloko ezihlobene
Inhlakanipho
Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Ukukhuluma
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi...
Imali
Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa...
Inhliziyo
Phezu kwakho konke okugcinayo...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Amavesi eBhayibheli osuku
Umthetho kaJehova uphelele,uvusa umphefumulo;
ukufakaza kukaJehova kuqinisile,
kuhlakaniphisa oyisiwula.
