- Gingqela kuJehova imisebenzi yakho,
ukuze kuqiniswe amasu akho. - Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho,
ungenciki kokwakho ukuqonda.
Mazise yena ezindleleni zakho zonke,
uyakuqondisa imikhondo yakho. - Isihhe neqiniso makungakushiyi;
kubophe entanyeni yakho,
ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,
ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu. - Osibekela isiphambeko ufuna uthando,
kepha onokondisa indaba wahlukanisa abahlobo. - Njengasemanzini ubuso bubhekana nobuso,
injalo inhliziyo yomuntu kumuntu. - Phezu kwakho konke okugcinayo,
gcina inhliziyo yakho,
ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila. - Umphefumulo ophanayo uyakukhuluphaliswa;
ophuzisayo uyakuphuziswa naye. - Olandela ukulunga nomusa
uyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo. - Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe;
kuyakuthi lapho esekhulile,
angasuki kuyo. - Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha;
emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.
Izihloko ezihlobene
Inhlakanipho
Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha...
Ukukhuluma
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Imali
Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Ukuqamba amanga
Izindebe zamanga ziyisinengiso kuJehova...
Amavesi eBhayibheli osuku
Odlayo angamdeleli ongadliyo, ongadliyo angamahluleli odlayo, ngokuba uNkulunkulu umamukele.Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Owesifazane angakhohlwa umntwana wakhe oncelayoukuba angabi namusa kuyo indodana yesizalo sakhe na?
Yebo, bona bangakhohlwa,
kodwa mina anginakukukhohlwa wena.
Bheka, ezandleni zami ngikubhalile,
izingange zakho ziphambi kwami njalo.Ivesi elilandelayo