- Abantwana babantwana bangumqhele wabadala,
nodumo lwabantwana lungoyise. - Izindebe ezinobungcweti azifanele isiwula;
kakhulu kangakanani umlomo wamanga isikhulu. - Osibekela isiphambeko ufuna uthando,
kepha onokondisa indaba wahlukanisa abahlobo. - Umngane uthanda ngezikhathi zonke,
nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni. - Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle,
kepha umoya owaphukileyo uyomisa amathambo. - Nesiwula lapho sithule kuthiwa isihlakaniphi;
ovala umlomo wakhe ungoqondileyo.
Izihloko ezihlobene
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Inhlakanipho
Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha...
Ukukhuluma
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi...
Ubungani
Umngane uthanda ngezikhathi zonke...
Izingane
UJesu wayesethi: “Vumelani abantwana...
Ukuqamba amanga
Izindebe zamanga ziyisinengiso kuJehova...
Amavesi eBhayibheli osuku
Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Ungesabi, ngokuba mina nginawe;ungapheli amandla,
ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho;
ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza,
yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.Ivesi elilandelayo
