- Gingqela kuJehova imisebenzi yakho,
 ukuze kuqiniswe amasu akho.
- Okuncane kanye nokulunga kungcono
 kunenzuzo enkulu kanye nokungalungi.
- Inhliziyo yomuntu iceba indlela,
 kepha uJehova uyaqondisa izinyathelo zakhe.
- Kungcono kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide;
 yebo, ukuzuza ukuqonda nga kukhethwa kunesiliva.
- Onakekela izwi uyakufumana okuhle,
 nowethembayo kuJehova ubusisiwe.
- Amazwi amahle anjengamakhekheba oju;
 amnandi emphefumulweni, ayimpiliso emathanjeni.
- Umuntu ophambeneyo usakaza ukuxabana,
 nomncethezi wahlukanisa abahlobo.
- Owephuza ukuthukuthela muhle kuneqhawe,
 nobusa umoya wakhe kunonqoba umuzi.
Izihloko ezihlobene
Ukwethemba
Themba kuJehova ngayo yonke...
Ukuhlela
Gingqela kuJehova imisebenzi yakho...
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Imali
Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa...
Thembeka
Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi...
Umsebenzi
Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu:Zuza ukuhlakanipha;
yebo, ngakho konke okutholileyo zuza ukuhlakanipha.
