- Isiwula asithokozi ngokuqonda,
kuphela ngokuveza okusenhliziyweni yakhe. - Izindebe zesiwula ziletha ukuxabana,
nomlomo waso ubiza imivimbo. - Amazwi omncethezi anjengezibiliboco;
ayehlela kokuphakathi komuntu. - Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla;
olungileyo ugijimela kuwo, alondeke. - Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla;
injengogange oluphakemeyo emicabangweni yaso. - Ngaphambi kokubhujiswa inhliziyo yomuntu iyaziqhenya;
ukuthobeka kwandulela udumo. - Isipho somuntu siyamenzela indawo,
simholele kwabakhulu. - Ukufa nokuphila kusemandleni olimi,
nabaluthandayo bayakudla izithelo zalo. - Ofumana umfazi uthola okuhle;
uzuzile isisa kuJehova. - Umuntu wabangane uyazilimaza,
kepha kukhona abangane ababambelela kuneselamani.
Izihloko ezihlobene
Ukukhuluma
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi...
Inhlakanipho
Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha...
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Ubugovu
Ningenzi lutho ngombango nangodumo...
Inhlebo
Umuntu ophambeneyo usakaza ukuxabana...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Wokwazi enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu umuntu elaya indodana yakhe, kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakulaya wena.Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Ndodana yami,gcina umyalo kayihlo,
ungawushiyi umthetho kanyoko.Ivesi elilandelayo
