- Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami,
kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami,
ngokuba iyakwenezela kuwe
ubude bezinsuku,
neminyaka yokuphila, nokuthula. - Isihhe neqiniso makungakushiyi;
kubophe entanyeni yakho,
ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,
ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu. - Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho,
ungenciki kokwakho ukuqonda.
Mazise yena ezindleleni zakho zonke,
uyakuqondisa imikhondo yakho. - Ungabi ngohlakaniphileyo emehlweni akho;
mesabe uJehova, udede ebubini.
Lokho kuyakuba yimpilo emzimbeni wakho
nokuhlunyelelwa kwamathambo akho. - Dumisa uJehova ngempahla yakho,
nangolibo lwazo zonke izithelo zakho. - Ndodana yami,
ungadeleli ukulaya kukaJehova,
ungakhathazeki ngokusola kwakhe.
Ngokuba uJehova uyamlaya amthandayo,
njengoyise indodana ayithandayo. - Ubusisiwe umuntu othola ukuhlakanipha
nomuntu ozuza ingqondo. - Ungagodleli abaninikho okuhle,
lapho kusemandleni esandla sakho ukukwenza. - Ungabi namhawu ngomuntu oyisidlwangudlwangu,
ungakhethi neyodwa yezindlela zakhe,
ngokuba ophambeneyo uyisinengiso kuJehova.
kepha abaqotho bayisifuba sakhe.
Izihloko ezihlobene
Inhliziyo
Phezu kwakho konke okugcinayo...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ukwethemba
Themba kuJehova ngayo yonke...
Ukupha
Yilowo nalowo anikele njengalokho...
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Amavesi eBhayibheli osuku
Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe,kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle.