- Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda;
ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami. - Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu:
Zuza ukuhlakanipha;
yebo, ngakho konke okutholileyo zuza ukuhlakanipha. - Yizwa, ndodana yami,
wamukele izwi lami;
kuyakuthi iminyaka yokuphila kwakho ibe miningi. - Ngikufundisa ngendlela yokuhlakanipha;
ngikuhola emikhondweni yobuqotho. - Ndodana yami, lalela amazwi ami,
ubeke indlebe yakho kukho ukukhuluma kwami.
Makungachezuki emehlweni akho,
ukugcine phakathi kwenhliziyo yakho. - Phezu kwakho konke okugcinayo,
gcina inhliziyo yakho,
ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila. - Susa kuwe ukuphambana komlomo,
nezindebe eziyisigwegwe uzidedisele kude nawe. - Amehlo akho mawabheke phambili,
nezinkophe zakho maziqonde phambi kwakho. - Yenza umkhondo wonyawo lwakho ukuba ulingane,
ziqine zonke izindlela zakho. - Ungaphambuki ngakwesokunene nangakwesokhohlo;
chezukisa unyawo lwakho ebubini.
Izihloko ezihlobene
Inhlakanipho
Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha...
IZwi likaNkulunkulu
Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile...
Ukulalela umthetho
UJesu waphendula, wathi kuye...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Ukuqonda
Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto...
Amavesi eBhayibheli osuku
UJehova uNkulunkulu wethu makabe nathi njengalokho ayenawobaba; makangasishiyi, angasilahli.Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Lapho udabula emanzini,mina nginawe;
nasemifuleni, ayiyikukukhukhula;
lapho uhamba emlilweni, awuyikusha,
nelangabi aliyikukushisa.Ivesi elilandelayo