- Niyafisa, nokho aninalutho; niyabulala ninomhawu, nokho anizuzi lutho; niyalwa nenza impi. Aninalutho, ngokuba ningaceli.
- Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho lowo othanda ukuba ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu.
- Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela.
- Sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina. Hlanzani izandla nina zoni, nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili.
- Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa.
- Munye ongummisimthetho nomahluleli; nguyena onamandla okusindisa nokubhubhisa; kepha ungubani wena omahlulelayo umakhelwane na?
- Ngakho owaziyo ukwenza okuhle engakwenzi kuyisono kuye.
Izihloko ezihlobene
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Izifiso
Kepha ngithi: Hambani ngoMoya...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Ubungani
Umngane uthanda ngezikhathi zonke...
Amavesi eBhayibheli osuku
Isipho somuntu siyamenzela indawo,simholele kwabakhulu.
Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova,nothemba lakhe linguJehova.
Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini,
ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni,
ongesabi lapho kufika ukushisa,
amaqabunga awo abe luhlaza,
angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu,
anganqamuki ukuthela izithelo.Ivesi elilandelayo
