- Bhekani ningadeleli namunye kulaba abancinyane, ngokuba ngithi kini: Izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini.
- Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa naye. Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu.
- Uma enqaba ukubezwa, tshela ibandla; uma enqaba ukuzwa nalo ibandla, makabe kuwe njengowezizwe nomthelisi.
- Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.
- Khona kwasondela uPetru, wathi kuye: “Nkosi, umfowethu uyakungona kangaki, ngimthethelela, na? Kuze kube kasikhombisa na?”
UJesu wathi kuye: “Angisho kuwe ukuthi kuze kube kasikhombisa kodwa kuze kube kamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa.”
Izihloko ezihlobene
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Ukulalela
Niyakwazi lokho, bazalwane bami...
Isonto
Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando...
Izingelosi
Ingabe uthi ngingecele kuBaba...
IZulu
Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla...
UBaba
Njengoyise ehawukela abantwana bakhe...
