- Waphendula, wathi kubo: “Anifundanga yini ukuthi owadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane, wathi: ‘Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye,’ na? Ngakho abasebabili, kodwa banyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, umuntu makangakwahlukanisi.”
- UJesu wayesethi: “Vumelani abantwana, ningabenqabeli ukuza kimi, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo.”
- Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga; yazisa uyihlo nonyoko; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.
- UJesu wathi kuye: “Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”
- Kepha uJesu ebabheka wathi kubo: “Kubantu akunakwenzeka; kepha kuNkulunkulu kungenzeka konke.”
- Kepha abaningi abokuqala bayakuba ngabokugcina, nabokugcina babe ngabokuqala.
Izihloko ezihlobene
IZulu
Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla...
Umshado
Ofumana umfazi uthola okuhle...
Ucansi
Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu...
Indalo
Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu...
Umbuso
Kepha kanazi yini ukuthi...
Izingane
UJesu wayesethi: “Vumelani abantwana...
Amavesi eBhayibheli osuku
Lokhu kuyizwi likaJehova kaZerubabele lokuthi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kepha kube ngomoya wami kuphela,’ usho uJehova Sebawoti.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Umphefumulo wami uzithulele kuNkulunkulu kuphela;insindiso yami ivela kuye.Ivesi elilandelayo
