- Ngakho ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, wakuthulula lokhu enikubonayo nenikuzwayo.
- Kepha wena, nxa wabela isipho, isandla sakho sokhohlo masingakwazi esikwenzayo esokunene, ukuze isipho sakho sibe sekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.
- UJesu wathi kuye: “Ungangithinti, ngokuba angikenyukeli kuBaba. Kepha yana kubazalwane bami, ubatshele ukuthi ngenyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.”
- Nxa esefikile uMduduzi engiyakumthumela kini evela kuBaba, uMoya weqiniso, ophuma kuBaba, nguyena oyakufakaza ngami.
- Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza, nemikhulu kunale uyakuyenza; ngokuba mina ngiya kuBaba.
- UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Baba, ezandleni zakho ngiyawubeka umoya wami.” Eseshilo lokho wafa.
- Kepha manje, Jehova, unguBaba;
thina siyibumba, wena ungumbumbi wethu,
singumsebenzi wesandla sakho sonke.
Izihloko ezihlobene
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Umhlaba
Ningathandi izwe nezinto ezisezweni...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
IZulu
Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla...
Ukwenyuka
Kwathi eseshilo lokho, wakhushulwa...