- UJesu wathi kuye: “Ungangithinti, ngokuba angikenyukeli kuBaba. Kepha yana kubazalwane bami, ubatshele ukuthi ngenyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.”
- Kepha manje, Jehova, unguBaba;
thina siyibumba, wena ungumbumbi wethu,
singumsebenzi wesandla sakho sonke. - Ngakho ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, wakuthulula lokhu enikubonayo nenikuzwayo.
- Kepha wena, nxa wabela isipho, isandla sakho sokhohlo masingakwazi esikwenzayo esokunene, ukuze isipho sakho sibe sekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.
- Nxa esefikile uMduduzi engiyakumthumela kini evela kuBaba, uMoya weqiniso, ophuma kuBaba, nguyena oyakufakaza ngami.
- Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza, nemikhulu kunale uyakuyenza; ngokuba mina ngiya kuBaba.
- UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Baba, ezandleni zakho ngiyawubeka umoya wami.” Eseshilo lokho wafa.
- Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.
Izihloko ezihlobene
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Umhlaba
Ningathandi izwe nezinto ezisezweni...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Umvuzo
Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo...
IZulu
Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla...
Amavesi eBhayibheli osuku
“Yebo, izintaba zingamuka, namagquma angasuswa,kepha umusa wami awuyikumuka kuwe,
nesivumelwano sami sokuthula asiyikususwa,”
usho uJehova okuhawukelayo.
