- Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova,
nothemba lakhe linguJehova.
Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini,
ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni,
ongesabi lapho kufika ukushisa,
amaqabunga awo abe luhlaza,
angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu,
anganqamuki ukuthela izithelo. - Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke,
futhi imbi;
ngubani ongayazi na?
“Mina Jehova ngivivinya inhliziyo,
ngihlola izinso ukuba nginike,
kube yilowo nalowo
njengezindlela zakhe,
njengezithelo zezenzo zakhe.” - Ngiphulukise, Jehova, ngiphuluke;
ngisindise, ngisindiswe,
ngokuba uludumo lwami.
Izihloko ezihlobene
Ukwethemba
Themba kuJehova ngayo yonke...
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Ukuthela
Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova...
Umvuzo
Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Inhliziyo
Phezu kwakho konke okugcinayo...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ngokuba bheka, owabumba izintaba,nowawudala umoya,
otshela umuntu umqondo wakhe,
owenza ukusa kube ngubumnyama,
onyathela ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba,
igama lakhe linguJehova,
uNkulunkulu Sebawoti.
Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Ngizwise umusa wakho ekuseni,ngokuba ngiyethemba kuwe;
ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo,
ngokuba ngiphakamisela kuwe umphefumulo wami.Ivesi elilandelayo
