DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

UJeremiya 17

  • Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova,
    nothemba lakhe linguJehova.
    Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini,
    ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni,
    ongesabi lapho kufika ukushisa,
    amaqabunga awo abe luhlaza,
    angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu,
    anganqamuki ukuthela izithelo.
  • Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke,
    futhi imbi;
    ngubani ongayazi na?
    “Mina Jehova ngivivinya inhliziyo,
    ngihlola izinso ukuba nginike,
    kube yilowo nalowo
    njengezindlela zakhe,
    njengezithelo zezenzo zakhe.”
  • Ngiphulukise, Jehova, ngiphuluke;
    ngisindise, ngisindiswe,
    ngokuba uludumo lwami.