- Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova,
nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe.
Usuku luyalandisa usuku inkulumo,
nobusuku bushumayeza ubusuku ukwazi. - Umthetho kaJehova uphelele,
uvusa umphefumulo;
ukufakaza kukaJehova kuqinisile,
kuhlakaniphisa oyisiwula. - Imiyalo kaJehova ilungile,
ijabulisa inhliziyo;
umyalezo kaJehova uhlanzekile,
ukhanyisa amehlo. - Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami
makuthandeke ebusweni bakho, Jehova,
dwala lami nomhlengi wami.
Izihloko ezihlobene
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Inhliziyo
Phezu kwakho konke okugcinayo...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
IZulu
Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla...
Umphefumulo
Uma nina niselapho nimfuna...
Inhlakanipho
Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha...
Amavesi eBhayibheli osuku
Akuthengwa yini imizwilili eyisihlanu ngezindibilishi ezimbili na? Akukhohlakele namunye kuyo emehlweni kaNkulunkulu. Kodwa nezinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke. Maningesabi; nidlula imizwilili eminingi.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Kubo ubuninginingi bemicabango yenhliziyo yamiukududuza kwakho kwathokozisa umphefumulo wami.Ivesi elilandelayo
