- Ngiyakuthanda, Jehova,
mandla ami.
Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami;
uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo,
nesihlangu sami,
nophondo lokusindiswa kwami,
inqaba yami ephakemeyo. - Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova,
ngakhala kuNkulunkulu wami;
walizwa izwi lami esethempelini lakhe;
ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe. - Ngokuba wena uyokhela isibani sami;
uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami. - Indlela kaNkulunkulu iphelele;
izwi likaJehova lihlanzekile;
yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye. - Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova,
ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na? - Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho,
isandla sakho sokunene singisekele,
nobumnene bakho bungikhulisile.
Amabanga okunyathela kwami uwandisile;
amaqakala ami awaxegi.
Izihloko ezihlobene
Ukuvikela
Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu...
Insindiso
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba...
Amandla
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
IZwi likaNkulunkulu
Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile...
Umhlengi
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
Ukukhuluma
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ngikhala kuwe Jehovangisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.