Amavesi EBhayibheli ngezinguquko
- Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.
- Ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe ntsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.
- Kepha iNkosi mayiqondise izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu nasekubekezeleni kukaKristu.
- Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo.
- Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe.
- Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume zwilinye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.
- Kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kepha amanzi engiyakumnika wona, phakathi kwakhe ayakuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.
- Niklebhule inhliziyo yenu,
hhayi izingubo zenu,
niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu,
ngokuba yena unomusa,
unobumnene,
wephuza ukuthukuthela,
unesihe esikhulu,
uhawukela nomubi. - Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu.
- Ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe, nembethe omusha, owenziwa musha abe nokwazi ngokomfanekiso walowo owamdalayo.
- Ngokuba sisebuthakathaka, uKristu wafela abangamesabi uNkulunkulu ngesikhathi esifaneleyo.
- Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.”
- UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.”
Izihloko ezihlobene
Ukuguqulwa
Bazithobe abantu bami ababizwa...
Ukuphenduka
Bazithobe abantu bami ababizwa...
UMoya
INkosi inguye uMoya; kepha...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Intethelelo
Osibekela isiphambeko ufuna uthando...
Ongenasici
Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ekhanyisiwe amehlo enhliziyo yenu, nize nazi okuyithemba lobizo lwakhe nokuyingcebo yenkazimulo yefa lakhe kubo abangcwele.Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Nguye omupha oyethileyo amandla,nakongenamandla uyandisa izikhwepha.Ivesi elilandelayo