- Naye uJosefa wakhuphuka ephuma eGalile emzini waseNazaretha, waya eJudiya emzini kaDavide othiwa iBetlehema, ngokuba wayengowendlu nozalo lukaDavide, ukuyobalwa kanye noMariya owayemmiselwe ukuba abe ngumkakhe, ekhulelwe.
- Kwathi-ke beselapho, zaphelela izinsuku zokuba abelethe. Wazibula ngendodana, wayembesa, wayilalisa emkhombeni, ngokuba bantula indawo endlini yezihambi.
- Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi; ngokuba bhekani, nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke.”
- Ukuthi nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide.
- Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu,
nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye. - Babuya-ke abelusi bemdumisa, bembonga uNkulunkulu ngakho konke abakuzwileyo nabakubonileyo, njengalokho kwakukhulunyiwe kubo.
Izihloko ezihlobene
UKhisimusi
Uzakuzala indodana, uyiqambe igama...
Izingelosi
Ingabe uthi ngingecele kuBaba...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Injabulo
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Uvalo
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ngokuba uNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonakalisa ngakulo igama lakhe, lokhu nibakhonzile abangcwele, nisabakhonza.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Makakunike njengokwenhliziyo yakho,afeze icebo lakho lonke.Ivesi elilandelayo
