- Kwathi sekufikile usuku lwePhentekoste, bonke babebuthene ndawonye. Ngokungazelelwe kwavela ezulwini inhlokomo kwangathi eyokuvunguza komoya onamandla; yona yagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo.
- Kwase kubonakala kubo izilimi ezahlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu kwalowo nalowo kubo. Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.
- Kuyakuthi yilowo nalowo
obiza igama leNkosi uyakusindiswa. - Ngakho ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, wakuthulula lokhu enikubonayo nenikuzwayo.
- UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.”
- Ngakho abalamukeleyo izwi lakhe babhapathizwa, kwenezelwa ngalowo muhla abantu kungathi izinkulungwane ezintathu.
- Baqinisela njalo esifundisweni sabaphostoli, nasekuhlanganeni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemikhulekweni.
- Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa ekhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo, bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.
Izihloko ezihlobene
IPentekoste
Kwathi sekufikile usuku lwePhentekoste...
UMoya
INkosi inguye uMoya; kepha...
UMoya Oyingcele
INkosi inguye uMoya; kepha...
Isonto
Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Kepha ukwahlulela makugobhoze njengamanzi,nokulunga njengomfula onganqamukiyo.