DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

UZakariya

  • Lokhu kuyizwi likaJehova kaZerubabele lokuthi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kepha kube ngomoya wami kuphela,’ usho uJehova Sebawoti.
  • Thokoza kakhulu,
    ndodakazi yaseSiyoni;
    jabula nokujabula,
    ndodakazi yaseJerusalema;
    bheka, iNkosi yakho iza kuwe,
    ilungile, inensindiso,
    ithobekile, ikhwele imbongolo,
    ithole, inkonyane yembongolokazi.
  • UJehova uyakuba yiNkosi emhlabeni wonke; ngalolo suku uJehova uyakuba munye, negama lakhe libe linye.
  • Washo kanje uJehova Sebawoti, wathi: ‘Yahlulelani izahlulelo eziqinisileyo, nenze umusa nobubele, kube yilowo nalowo kumfowabo, ningacindezeli abafelokazi, nezintandane, nabafokazi, nabampofu, kungabi ngoceba okubi ngomfowabo enhliziyweni yakhe.’
  • ‘Buyelani kimi,’ usho uJehova Sebawoti, ‘ngiyakubuyela kini,’ usho uJehova Sebawoti.
  • Ningabi njengawoyihlo abaprofethi bokuqala abamemeza kubo, bathi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ake nibuye ezindleleni zenu ezimbi nasezenzweni zenu ezimbi;’ kepha kabalalelanga, kabangiqaphelanga, usho uJehova.
  • Ngiyakuqinisa indlu yakwaJuda,
    ngisindise indlu yakwaJosefa,
    ngibabuyise, ngokuba nginomusa kubo,
    babe kungathi angizange ngibalahle,
    ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo;
    ngiyakubezwa.

Amavesi eBhayibheli osuku

Njengoyise ehawukela abantwana bakhe,
kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ngokuba njengalokhu sinezitho eziningi emzimbeni munye, kepha izitho zonke azinamsebenzi munye, kanjalo thina esibaningi simzimba munye kuKristu, kepha ngabanye siyizitho, omunye esomunye.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela