- Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.
 - Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.
 - Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane.
 - Ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini.
 - Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime.
 - Ngakho yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifakile isivikelo sesifuba sokulunga, izinyawo zigqokisiwe ukulungela kukho ukushumayela ivangeli lokuthula; kukho konke nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba namandla okucima ngaso yonke imicibisholo evuthayo yomubi.
 - Namukele futhi isigqoko sensindiso, nenkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu.
 - Ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke.
 
Izihloko ezihlobene
Okubi
Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba...
USathane
Qondani, nilinde. Isitha senu...
UMoya
INkosi inguye uMoya; kepha...
Ukuvikela
Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu...
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
