DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

UJeremiya 17

  • Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova,
    nothemba lakhe linguJehova.
    Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini,
    ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni,
    ongesabi lapho kufika ukushisa,
    amaqabunga awo abe luhlaza,
    angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu,
    anganqamuki ukuthela izithelo.
  • Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke,
    futhi imbi;
    ngubani ongayazi na?
    “Mina Jehova ngivivinya inhliziyo,
    ngihlola izinso ukuba nginike,
    kube yilowo nalowo
    njengezindlela zakhe,
    njengezithelo zezenzo zakhe.”
  • Ngiphulukise, Jehova, ngiphuluke;
    ngisindise, ngisindiswe,
    ngokuba uludumo lwami.

Amavesi eBhayibheli osuku

Wena uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye na? Wenza kahle; namademoni ayakholwa, athuthumele.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ningenzi lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela