DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Amavesi EBhayibheli ngokuphulukisa

  • UJesu wayesethi kuye: “Uma unamandla! Konke kungenzeka kokholwayo.”
  • Kepha uJesu ekuzwa lokho wamphendula wathi: “Ungesabi, kholwa kuphela; izakusinda.”
  • Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo;
    izilonda zabo uyazibopha.
  • Kukhona ogulayo phakathi kwenu na? Makabize amalunga ebandla, amkhulekele, amgcobe ngamafutha egameni leNkosi. Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo, iNkosi imvuse; noma enzile izono, uzakuthethelelwa zona.
  • UJesu wathi kuyo: “Hamba-ke; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Yayisibona khona lapho, yamlandela endleleni.
  • Phulukisani abagulayo, nivuse abafileyo, nihlambulule abanochoko, nikhiphe amademoni. Namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle.
  • Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle,
    kepha umoya owaphukileyo uyomisa amathambo.
  • Ngiphulukise, Jehova, ngiphuluke;
    ngisindise, ngisindiswe,
    ngokuba uludumo lwami.
  • Yebo, yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu,
    yachotshozwa ngobubi bethu;
    isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula,
    nangemivimbo yayo siphilisiwe thina.
  • Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.
  • Bazithobe abantu bami ababizwa ngegama lami, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi, ngiyakuzwa ezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.
  • Kepha kinina enilesabayo igama lami kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo; niyakuphuma, nitshekule njengamathole esibaya.
  • Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo.
  • Buya, uthi kuHezekiya umholi wabantu bami: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakukuphilisa; ngosuku lwesithathu uyakwenyukela endlini kaJehova.’
  • Niphulukise abagulayo abakuwo, nithi kubo: ‘Umbuso kaNkulunkulu usondele kini.’
  • Ekuzwa lokhu wathi: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa.”
  • Wathuma izwi lakhe, wabaphilisa,
    wabakhulula emathuneni abo.
  • Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ukwenze okulungile emehlweni akhe, ulalele imiyalo yakhe, ugcine izimiso zakhe zonke, angiyikubeka phezu kwakho nasinye salezo zifo engizibeke phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova okuphilisayo.
  • Wayefundisa kwelinye lamasinagoge ngesabatha. Bheka, kwaba khona owesifazane onomoya wobuthakathaka iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, eseqhothile engenakululama nempela. Kwathi uJesu embona, wambiza, wathi kuye: “Mame, ukhululiwe ebuthakathakeni bakho.” Wabeka izandla phezu kwakhe; weluleka khona lapho, wamdumisa uNkulunkulu.
    Umphathi wesinagoge, ecunukile ngokuba uJesu ephulukisile ngesabatha, waphendula, wathi kuso isixuku: “Kukhona izinsuku eziyisithupha okufanele ukusetshenzwa ngazo; ngakho-ke anoza ngazo, niphulukiswe, kungabi ngosuku lwesabatha.”
    Kepha iNkosi yamphendula yathi: “Bazenzisi, kanti yilowo nalowo kini kayithukululi yini ngesabatha inkabi yakhe noma imbongolo yakhe emkhombeni, ayise ukuyoyiphuzisa, na? Kepha lona, eyindodakazi ka-Abrahama, uSathane abembophile, bhekani, iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, bekungafanele yini ukuba akhululwe kuleso sibopho ngosuku lwesabatha na?”
    Wathi ukuba asho lokho, bajabha bonke ababemelene naye; isixuku sonke sathokoza ngemisebenzi yonke yenkazimulo eyenziwe nguye.
  • UJehova uyenza ukuba izimpumputhe zibone;
    uJehova uyavusa abathotshisiweyo;
    uJehova uyathanda abalungileyo.
  • UMoya weNkosi uphezu kwami,
    ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu,
    ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo,
    nokubona kwabayizimpumputhe,
    nokuhlenga abacindezelweyo.

Amavesi eBhayibheli osuku

Kanjalo-ke nesitsha emva kokudla, ethi: “Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina.”

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela