DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Indalo (2/2)

  • UJehova uNkulunkulu wathi: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizakumenzela umsizi onjengaye.”
  • Wozani; masikhuleke, sikhothame,
    siguqe phambi kukaJehova,
    uMenzi wethu.
  • Nokho kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise, okuvela kuye konke, nathi sikhonela yena, nenkosi inye, uJesu Kristu, okungaye konke, nathi sikhona ngaye.
  • Futhi khumbula uMdali wakho
    emihleni yobusha bakho,
    zingakafiki izinsuku ezimbi,
    ingakasondeli iminyaka osho ngayo ukuthi:
    “Angithokozi ngayo.”
  • UJehova uNkulunkulu wakha owesifazane ngobambo abeluthathile kumuntu, wamyisa kumuntu.
    Wayesethi umuntu: “Lo useyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami; uyakubizwa ngokuthi indodakazi, ngokuba uthathwe endodeni.” Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo; bayakuba nyamanye.
  • UNkulunkulu wathi: “Makube khona ukukhanya,” kwaba khona ukukhanya.
  • UNkulunkulu wababusisa; uNkulunkulu wathi kubo: “Zalani, nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe, nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.”
  • UJehova uNkulunkulu wathi: “Bheka, u-Adamu usenjengomunye wethu, uyakwazi okuhle nokubi; kepha manje makangeluli isandla sakhe, athathe nakuwo umuthi wokuphila, adle, aphile kuze kube phakade.” UJehova uNkulunkulu wammukisa ensimini yase-Edene ukuba alime umhlabathi athathwe kuwo.
  • Waphendula, wathi kubo: “Anifundanga yini ukuthi owadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane, wathi: ‘Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye,’ na? Ngakho abasebabili, kodwa banyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, umuntu makangakwahlukanisi.”
  • Kepha manje, Jehova, unguBaba;
    thina siyibumba, wena ungumbumbi wethu,
    singumsebenzi wesandla sakho sonke.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu; balungisisiwe ngesihle ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKristu Jesu.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela