- Mina ngingumvini owonawona, uBaba ungumlimi. Yilelo nalelo gatsha elikimi, elingatheli izithelo, uyalisusa. Yilelo nalelo elithela izithelo uyalihlunga ukuba lithele kakhulu.
- Nina senihlanzekile ngezwi engilikhulume kinina.
- Mina ngingumvini, nina ningamagatsha; ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho.
- Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe.
- UBaba uyakhazimuliswa ngalokhu ukuba nithele izithelo eziningi, nibe ngabafundi bami.
- Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokho mina ngigcinile imiyalo kaBaba ngihlala othandweni lwakhe.
- Nginitshelile lokho ukuba ukuthokoza kwami kube kini, nokuthokoza kwenu kugcwale.
- Yilo umyalo wami wokuba nithandane, njengalokho nginithandile.
- Akakho onothando olukhulu kunalolo lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabahlobo bakhe.
- Aningikhethanga nina, kodwa mina nginikhethile nina, nganibeka ukuba niphume, nithele izithelo, nezithelo zenu zihlale ukuba noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona.
- Uma izwe linizonda, niyazi ukuthi langizonda mina ngaphambi kwenu.
- Nxa esefikile uMduduzi engiyakumthumela kini evela kuBaba, uMoya weqiniso, ophuma kuBaba, nguyena oyakufakaza ngami.
Izihloko ezihlobene
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Ukuthela
Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ukulalela umthetho
UJesu waphendula, wathi kuye...
IZwi likaNkulunkulu
Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile...
Umvuzo
Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo...