DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

UMika

  • Ngubani onguNkulunkulu onjengawe
    othethelela insali yefa lakho ububi bayo,
    uyiyekele isiphambeko sayo, na?
    Akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube phakade,
    ngokuba wenamela umusa.
  • Kepha mina ngiyakumbheka uJehova;
    ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami;
    uNkulunkulu wami uyakungizwa.
  • Ukutshelile, muntu, okuhle;
    uJehova ufunani kuwe,
    kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa,
    uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?
  • Uyakubuye asibekezelele,
    anyathele phansi ububi bethu;
    yebo, uyakuphonsa zonke izono zabo ekujuleni kolwandle.
  • Kepha wena Betlehema Efratha,
    omncane ukuba ube phakathi kwemindeni yakwaJuda,
    ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe,
    ozakuba ngumbusi kwa-Israyeli,
    okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade.

Amavesi eBhayibheli osuku

Wogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuba kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, wandise izinsuku zakho ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona kuze kube phakade.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela