- Kepha mina ngiyakumbheka uJehova;
ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami;
uNkulunkulu wami uyakungizwa. - Ngubani onguNkulunkulu onjengawe
othethelela insali yefa lakho ububi bayo,
uyiyekele isiphambeko sayo, na?
Akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube phakade,
ngokuba wenamela umusa. - Ukutshelile, muntu, okuhle;
uJehova ufunani kuwe,
kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa,
uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na? - Uyakubuye asibekezelele,
anyathele phansi ububi bethu;
yebo, uyakuphonsa zonke izono zabo ekujuleni kolwandle. - Kepha wena Betlehema Efratha,
omncane ukuba ube phakathi kwemindeni yakwaJuda,
ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe,
ozakuba ngumbusi kwa-Israyeli,
okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade.
Izihloko ezihlobene
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Intethelelo
Osibekela isiphambeko ufuna uthando...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Insindiso
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba...
Ukulalela
Niyakwazi lokho, bazalwane bami...
Isihe
Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni...