- Themba kuJehova,
wenze okulungileyo;
hlala ezweni, uzondle ngokukholeka. - Zithokozise ngoJehova,
yikhona ezakukunika okufiswa yinhliziyo yakho. - Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe;
yena uzakukwenza.
Uzakuhlalukisa ukulunga kwakho njengokukhanya,
nokufanele wena njengemini. - Thula phambi kukaJehova,
ulindele yena;
ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe,
ngomuntu osongoza amacebo amabi. - Okuncane anakho olungileyo kungcono
kunemfuyo yababi abaningi.
Ngokuba izingalo zababi ziyakwaphulwa,
kepha uJehova uyabaphasa abalungileyo. - Omubi uyatsheleka, angabuyiseli;
kepha olungileyo unesihawu, aphane. - Izinyathelo zomuntu ziqiniswa nguJehova;
uyayithanda indlela yakhe. - Ngokuba uJehova uthanda ukulunga,
akabashiyi abangcwele bakhe;
bayalondolozwa kuze kube phakade,
kepha inzalo yababi iyachithwa.
Izihloko ezihlobene
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Ukwethemba
Themba kuJehova ngayo yonke...
Ukupha
Yilowo nalowo anikele njengalokho...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Imali
Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa...
Ukuphepha
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Amavesi eBhayibheli osuku
Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Owesifazane angakhohlwa umntwana wakhe oncelayoukuba angabi namusa kuyo indodana yesizalo sakhe na?
Yebo, bona bangakhohlwa,
kodwa mina anginakukukhohlwa wena.
Bheka, ezandleni zami ngikubhalile,
izingange zakho ziphambi kwami njalo.Ivesi elilandelayo