- Malume njalo uthando lobuzalwane. Ningakhohlwa ukungenisa izihambi ngokuba ngalokho abanye bangenisa izingelosi bengazi.
- Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.
- Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,”
- Ukuze sisho ngesibindi, sithi:
“INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba;
umuntu angangenzani na?” - UJesu Kristu nguyena izolo nanamuhla, yebo, naphakade.
- Kepha uNkulunkulu wokuthula owakhuphula kwabafileyo umalusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano esimiyo njalo, iNkosi yethu uJesu, makaniphelelise kukho konke okuhle, ukuze nenze intando yakhe, esebenza phakathi kwethu khona lokho okuthokozisayo emehlweni akhe ngoJesu Kristu; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
Izihloko ezihlobene
Ukwethemba
Themba kuJehova ngayo yonke...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ubumnene
Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu...
Umakhelwane
Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame...
Izingelosi
Ingabe uthi ngingecele kuBaba...
Umshado
Ofumana umfazi uthola okuhle...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ngiyakuthanda, Jehova,mandla ami.
Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami;
uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo,
nesihlangu sami,
nophondo lokusindiswa kwami,
inqaba yami ephakemeyo.
Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami,ngiyakufuna ekuseni;
umphefumulo wami womele wena;
inyama yami ilangazelela wena
ezweni elomileyo eligagadekileyo,
lapho amanzi engekho khona.Ivesi elilandelayo
