- Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo.
- Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.
- Kepha-ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.
- Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.
- Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo.
- Masibambisise isivumo sethemba lethu singaxegi, ngokuba ukholekile lowo owethembisayo.
- Ukuze sisho ngesibindi, sithi:
“INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba;
umuntu angangenzani na?” - Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,”
- Zamelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa, ongenakho angeyibone iNkosi.
- Ngokuba yileyo ndlu yakhiwa ngothile; kepha owakha konke nguNkulunkulu.
Izihloko ezihlobene
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Izethembiso
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
Ukwethemba
Themba kuJehova ngayo yonke...
UMsindisi
Uthando lukulokhu, kungesikho ukuthi...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Amavesi eBhayibheli osuku
Nalokho kuvela kuJehova Sebawotioyisimangaliso ekululekeni
nomkhulu emaswini.