- Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani!
- Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze.
- Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.
- Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho.
- Enakufunda, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni lokho; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.
- Akusikho ukuthi ngisho maqondana nokuswela, ngokuba mina ngifundile ukuba nganeliswe noma ngihlezi kanjani.
- Ngiyakwazi ukuba phansi, ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe: ukusutha, nokulamba, nokubusa, nokuswela.
- Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo.
- UNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe ekukhazimuleni kuKristu Jesu.
- KuNkulunkulu noBaba wethu makube ludumo kuze kube phakade naphakade. Amen.
- Umusa weNkosi uJesu Kristu mawube nomoya wenu.
Izihloko ezihlobene
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
Ukuthula
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Ukwethemba
Themba kuJehova ngayo yonke...
Ukwaneliseka
Ngiyakwazi ukuba phansi, ngiyakwazi...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Amavesi eBhayibheli osuku
Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla ayakuba senhliziyweni yakho, ubafundise impela wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Bheka, kuhle, kumnandi kangakaukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.Ivesi elilandelayo
